Amaprovinsi4.3 AMAPROVINSI 
 
I-IBA iphakamisa ukuthi : 
  amafrikhwensi okusakaza ngokomsindo (ama-signal) ake abekelwe eceleni iminyaka 
  emihlanu ezayo, ikakhulukazi ukusakazela imiphakathi kuprovinsi, ukunikeza 
  amaprovinsi amathuba enele ukuxoxisisisa ngesidingo, ukuthandeka nokusebenzeka 
  kokusakazela imiphakathi kumaprovinsi. 
  amaprovinsi asakazelwe ngumsakazo kawonkewonke kazwelonke ngokusebenzisa 
  izikhala zamaprovinsi nezikhathi ezinezethameli eziningi eziteshini zezilimi 
  zokusakaza ngomoya (amaradiyo) zikawonkewonke. (Lokhu kuyobiza umsakazo 
  kawonkewonke cishe izigidi ezingu-40) 
  emuva kokuphenya izindleko eziphezulu zethelevishini, amakhono kanye namandla 
  afanele adingekayo ukuqhuba isiteshi sethelevishini ngempumelelo, iIBA ithole 
  ukuthi okwamanje izidingo zamaprovinsi zezinhlelo ezifanele zethelevishini 
  zesifunda ezazisayo, ezifundisayo neziphathelene namasiko kumele 
  zihlangatshezwe ngumsakazo kawonkewonke kazwelonke. 
  kuzonikezwa izikhala ezingangehora ngosuku kuthelevishini ezizobiza izigidi 
  ezingama-R225 ngonyaka. Kodwa-ke ekuqaleni lokhu kungaqala okungenani 
  ngezingcezu eziyingxenye yehora ezizobiza izigidi ezingama-R115 ngenxa 
  yezindleko ezibizwayo zokwabiwa kwemali yokutheliswa. Lezi zikhala kufanele 
  zinikezwe iprovinsi ngezikhathi ezinezethameli eziningi ekuseni nakusihlwa. 
   
